Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kaPetru 3:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kepha thina ngokwesithembiso sakhe silindele amazulu amasha nomhlaba omusha okuhlala kukho ukulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha thina ngokwesithembiso sakhe silindele amazulu amasha nomhlaba omusha okuhlala kukho ukulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kaPetru 3:13
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni.


Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.


“Njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” kusho uSimakade, “kanjalo izizukulwane zakho negama lakho kuyakuma.


nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu.


aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.


Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka