Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kaPetru 1:12 - IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke ngihlose ukuba nginikhumbuze njalo ngalezo zinto, nakuba nivele nizazi, futhi nimile naqina eqinisweni elikhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto, nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kaPetru 1:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla.


Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda.


ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli,


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.


Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo.


Ngakho-ke ngiyakukhumbuza ukuba usivuselele njalo isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe owasithola ngokubekwa yimi izandla.


Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko.


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.


Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza,


Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina.


Bathandekayo, le ncwadi ngeyesibili enginilobela yona, ngizama kuyo ukuvusa ingqondo yenu ngokunikhumbuza,


Ngakho-ke nina bathandekayo, njengokuba nazi lokhu phambilini, qaphelani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, bese niwa kulokhu eniqine kukho.


Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni.


ngenxa yeqiniso elihlala kithi, neliyakuhlala kithi kuze kube phakade.


Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe kini phambilini ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Khristu.


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


Kepha ngithanda ukunikhumbuza, nanxa nikwazi konke lokhu ukuthi iNkosi isisikhululile isizwe eGibhithe, emveni kwalokho yabhubhisa labo abangakholwanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka