Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 9:16 - IsiZulu 2020

16 “Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini, umgcobe abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli, ukuze asindise abantu bami esandleni samaFilisti; ngoba ngikubonile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 9:16
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”


“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


Simakade, yizwa umkhuleko wami, ukukhala kwami makufiyinyelele kuwe.


Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.


“UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


USawule wabiza bonke abantu ababenaye, bahamba baya ukuyolwa. Kwaba yilowo nalowo wasingena ngenkemba isitha, yatholana phezulu kwashunqa uthuli.


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


USamuweli wathi kuSawule: “USimakade wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi, ubuse abantu bakhe u-Israyeli. Ngakho-ke ake ulalele amazwi kaSimakade.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka