Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 8:8 - IsiZulu 2020

8 Kunjengayo yonke imisebenzi abayenzayo, kusukela ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, bangilahla bayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke benza kanjalo nakuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Njengemisebenzi yonke abayenzayo kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube yilolu suku abangishiya ngalo, bakhonza abanye onkulunkulu, benza kanjalo nakini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 8:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Abantu baxabana noMose, bathi: “Sinike amanzi ukuze siphuze.” UMose wathi kubo: “Nilwelani nami na? Nimvivinyelani uSimakade na?”


Lapho abantu bebona ukuthi uMose usephuzile ukwehla entabeni, babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Woza, usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu, ngokuba lo Mose, umuntu owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


‘Kuyakuthi ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, kube yilowo nalowo akhulule umfowabo ongumHebheru, ozithengise kuwe, uyakukusebenzela iminyaka eyisithupha, bese umkhulula ukuba ahambe,’ kepha okhokho benu kabangilalelanga, abakugqizanga qakala lokho.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.


Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”


Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo.


Manje lalela abakushoyo, kodwa-ke uze ubexwayise impela, ubatshele ngendlela inkosi eyakubusa ngayo phezu kwabo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka