Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 8:11 - IsiZulu 2020

11 Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wathi: “Nansi indlela yenkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, iwamisele wona abe yizinqola zayo nangabamahhashi bayo; abanye bayakugijima phambi kwezinqola zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 8:11
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi emveni kwalokho u-Absalomu wazakhela inqola yempi, wazitholela amahhashi, namadoda angama-50 ayezogijima phambi kwakhe.


U-Adoniya, indodana kaHagithi, wayeziphakamisa, ethi: “Yimi engizokuba yinkosi.” U-Adoniya wazilungiselela inqola yempi nabamahhashi, nabantu abangama-50 ukuba bagijime phambi kwakhe.


USolomoni waqoqa izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyi-1 400 nabamahhashi abayizi-12 000, wakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


Izinsizwa ezaziyintanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.


“Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima, manje siyakucela ukuba wena uwenze lula umsebenzi olukhuni uyihlo ayesethwese wona, nejoka lakhe elinzima ayelibeke phezu kwethu, siyokukhonza uma wenze kanjalo.”


Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinika izinduna zabaqaphi ababeqapha umnyango wenkosi.


Isandla sikaSimakade sasiku-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wabaleka phambi kuka-Ahabi, waze wayofika ekungeneni kwaseJizreyeli.


USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya.


Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.


USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimile: “Lalelani lapha nina bakwaBhenjamini; indodana kaJese yiyo yini ezoninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu na?


Manje lalela abakushoyo, kodwa-ke uze ubexwayise impela, ubatshele ngendlela inkosi eyakubusa ngayo phezu kwabo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka