Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 7:16 - IsiZulu 2020

16 Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Wayehamba iminyaka ngeminyaka eya eBhethele, naseGiligali, naseMispa, waqondisa u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 7:16
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.


UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo.


Wena uthi: “Uma ngiqoka isikhathi esimisiweyo, yiMina engehlulela ngokulunga.


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.


Wayenamadodana angama-30 ayegibela izimbongolo ezingama-30, enemizi engama-30 kwaGileyadi elibizwa ngokuthi yiHavothi Jayiri kuze kube namuhla.


Wayenamadodana angama-40, nabazukulu abangama-30 ababegibela izimbongolo ezingama-70; wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.


“Khulumani ngakho, nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlala emacansini ezinjinga, nani enedlula ngendlela.


USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha.


USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani, masihambe siye eGiligali sifike simise umbuso khona.”


USamuweli wathi: “Buthelani wonke u-Israyeli eMizpha, ukuze nginikhulekele kuSimakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka