Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 3:3 - IsiZulu 2020

3 isibani sikaNkulunkulu singakacinywa, uSamuweli elele ethempelini likaSimakade lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Isibani sikaNkulunkulu singakacimi ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona khona umphongolo kaNkulunkulu, uSamuweli walala ubuthongo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 3:3
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile.


Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.


Izwi likaSimakade liphunzisa izimbabala; liphundla amahlathi, konke okusethempelini lakhe kuthi: “Udumo!”


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.


“Uyokwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uyakulwenza ngomsebenzi ocangcathiweyo, isisekelo salo, nesiqu salo kwenziwe ngegolide elicangcathiweyo; izimbali zokuhlobisa, imiqumbe, namacembe, kube kunye nalo.


Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe.


UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka