Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 23:26 - IsiZulu 2020

26 USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 USawuli wasesuka waya ngaphetsheya kwentaba, loDavida labantu bakhe bengapha kwentaba; ngoba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide namadoda akhe ukuba bababambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 23:26
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


Ziyangilandela noma ngiyaphi, ziyangizungeza, zingithe njo ngamehlo azo, ukuze zingithele othulini.


kwababi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezingihaqileyo.


Ngihaqwe yizinkunzi zaseBhashani eziningi, ezinamandla, zingizungezile.


Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.


Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.


Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda.


AbaseGaza batshelwa ukuthi: “USamsoni ufikile lapha.” Bayizungeza indawo, bamlalela unyendle ubusuku bonke, esangweni lomuzi. Bathula ubusuku bonke, bethi: “Masilinde kuze kube nokukhanya kokusa, bese siyambulala.”


UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitela. UDavide wahamba, wabaleka, waphunyuka kanjalo-ke.


Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe.


USawule nabantu bakhe baphuma bayomfuna uDavide. UDavide wabikelwa ngalokho, wayesehlela edwaleni, wahlala ehlane eMahoni. USawule wakuzwa lokho, wamlandela uDavide ehlane eMahoni.


Kwafika isithunywa kuSawule, sathi: “Phuthuma uze, ngokuba amaFilisti alihlasele izwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka