Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 23:24 - IsiZulu 2020

24 Base besuka, bahamba phambi kukaSawule baya eZifi, kodwa uDavide nabantu bakhe babesehlane eMahoni e-Araba, eningizimu yehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Baqeda, bahamba phambi kukaSawule baya eZifi, kepha uDavide nabantu bakhe basehlane laseMahoni ethafeni eliseningizimu kwaseJesmoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 23:24
4 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

IMahoni, iKharmeli, iZifi, iJutha,


Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”


USawule nabantu bakhe baphuma bayomfuna uDavide. UDavide wabikelwa ngalokho, wayesehlela edwaleni, wahlala ehlane eMahoni. USawule wakuzwa lokho, wamlandela uDavide ehlane eMahoni.


Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka