Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 21:7 - IsiZulu 2020

7 Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwakukhona lapho umuntu othile wezinceku zikaSawule ngalolo suku, eboshiwe phambi kukaJehova; igama lakhe lalinguDowegi umEdomi, induna yabelusi bakaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 21:7
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaqubuka umbango phakathi kwabelusi baseGerari nabaka-Isaka, abaseGerari bethi: “Lawa manzi ngawethu.” Wawuqamba lowo mthombo wathi yi-Eseki okunguthi kusembangweni, ngoba bambangisa.


Imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShithirayi, umSharoni; kuthi imihlambi eyayisezigodini iphathwe nguShafathi, indodana ka-Adilayi.


UJazizi, umHagiri, wayephethe izimvu. Bonke laba babeyizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


“ ‘Akukho mfokazi oyakudla okungcwele; ngisho umuntu ogogobele womphristi noma umqashwa, akayukukudla okungcwele.


Kodwa uma indodakazi yomphristi ingumfelokazi noma ilahlwe yindoda, ingenamntwana, bese ibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakusidla isinkwa sikayise, kepha umfokazi akayukusidla.


“Uyothatha impuphu ecolisekileyo upheke ngayo amaqebelengwane ali-12, iqebelengwane ngalinye libe okubili eshumini.


Amasabatha ngamasabatha, uyakuzihlela njalo phambi kukaSimakade, njengokuzinikela kwabantu bakwa-Israyeli, nanjengesivumelwano esiphakade.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


Bheka, kwaqhamuka uSawule eqhuba izinkomo, evela ensimini. USawule wathi: “Bakhalelani kangaka abantu na?” Base bemlandisa ngokwakushiwo ngabantu baseJabheshi.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


UDavide wayesebuza u-Ahimelekhi, ethi: “Akukho mkhonto noma inkemba lapha na? Angifikanga nenkemba yami noma izikhali zami, ngoba udaba lwenkosi luyaphuthuma.”


Wayibuzela kuSimakade, wayinika umphako nenkemba kaGoliyathi, umFilisti.”


UDavide wathi ku-Abhiyathara: “Ngazi ngalolo lusuku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi impela uyakumtshela uSawule; yimi imbangela yokufa kwabo bonke abendlu kayihlo.


UDowegi wakwa-Edomi owayemi nezinceku zikaSawule waphendula, wathi: “Ngayibona indodana kaJese ifika eNobhi ku-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka