Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 20:9 - IsiZulu 2020

9 UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi impela ukuthi ububi unqume ukwehlela phezu kwakho, bengingayikukutshela na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 20:9
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace.


Mina ngizophuma ngime ngakubaba endle lapho ubhace khona, ngizokhuluma ngawe kubaba; uma ngibona okuthile ngizokutshela.”


UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendule kabi na?”


Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe.


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.


Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka