Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 20:13 - IsiZulu 2020

13 USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJehova wenza lokhu, nokunye okuningi kuJonathani; kepha uma kukuhle kubaba ukwenza okubi kuwe, ngiyakukwazisa, ngikumukise, uhambe ngokuthula; uJehova uyakuba nawe njengalokho ebenobaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 20:13
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.


Njengalokhu uSimakade ubenayo inkosi yami, inkosi, sengathi angaba naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.”


UJezebheli wayesethumela isithunywa ku-Eliya, ethi: “Sengathi onkulunkulu bami bangenza kanjalo kimi, futhi benezele, uma nje ngalesi sikhathi kusasa ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo.”


UBheni Hadadi wathumela kuyo, wathi: “Onkulunkulu mabenze kanjalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lweSamariya lungeke lugcwale isandla kulowo nalowo muntu ongilandelayo.”


“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.


eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.”


Kuyakuthi lapho zonke lezo zinto usuzibonile, uyokwenza konke isandla sakho esikufumanayo, ngokuba uNkulunkulu unawe.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye.


Mina ngizophuma ngime ngakubaba endle lapho ubhace khona, ngizokhuluma ngawe kubaba; uma ngibona okuthile ngizokutshela.”


UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise.


Uma ngisaphila ngikhombise isihawu sikaSimakade, kodwa uma ngifa,


UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”


U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka