Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 20:1 - IsiZulu 2020

1 UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UDavide wabaleka eNajoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? ububi bami buyini na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 20:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abafokazi bangivukele, izidlova zizingela impilo yami. Azimgqizi qakala uNkulunkulu. Sela


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,


Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu,


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”


USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.


UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi.


Wathi kuye: “Qha, ngeke kwenzeke lokho; awuyukufa. Ubaba akukho akwenza engangitshelanga khona, noma ngabe kukhulu noma ngabe kuncane; pho kungani ukuba ubaba angifihlele lokho na? Akusoze kwenzeka.”


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?”


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho.


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?


UDavide wathi: “Inkosi yami iyihubhelani inceku yayo na? Ngenzeni na? Bubi buni lobu engibenzile na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka