Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 2:4 - IsiZulu 2020

4 “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe; abakhubekayo babhinciswa amandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Iminsalo yabanamandla yaphuliwe, nabakhubekayo babhincwe amandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 2:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wena ungibhincisa amandla ukuze ngimelane nempi, abangivukelayo ubenze bangikhothamela.


Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe.


Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo.


Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo, isihlangu, inkemba, nempi. Sela


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla.


Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”


Ngokuba umbhubhisi uselithelekele, uhlasele iBhabhele, kuthunjwa amabutho alo, neminsalo yawo iyaphoqozwa, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wemivuzo, uphindisela ngokupheleleyo.


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,


bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka