Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 19:7 - IsiZulu 2020

7 UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJonathani wambiza uDavide, uJonathani wamtshela zonke lezi zinto. UJonathani wamletha uDavide kuSawule, waba phambi kwakhe njengakuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 19:7
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wabona nokuthi uLabani akasamnambithisisi kahle njengakuqala.


Nangesikhathi esedlule, kusabusa uSawule, nguwe owawuhola impi ka-Israyeli, uphume nayo ubuye ungene nayo. USimakade uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami, u-Israyeli; wena uzakuba ngumbusi wabantu bami, u-Israyeli.’ ”


UMose wathi kuSimakade: “Nkosi, ngixolele, angikaze ngibe ngumuntu oyiciko lokukhuluma, kusukela kuqala kuze kube manje njengoba ukhuluma nenceku yakho, ngokuba nginamalimi, ulimi lwami lulukhuni.”


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; wamenza udibi lwakhe.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.


USawule wamqhelisa kuye, wayesembeka ukuba abe ngumkhuzi wempi yakhe yenkulungwane; ehola abantu, ephuma engena nabo.


USawule wamthatha ngalolo suku uDavide, akabe esamvumela ukuba abuyele endlini kayise.


USawule wamlalela uJonathani, wayesefunga ethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akayukubulawa.”


Kwaphinde kwaqubuka impi, uDavide waphuma wayokulwa namaFilisti, wabulala amaningi; asindayo acela empunzini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka