Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 18:8 - IsiZulu 2020

8 USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 USawuli wathukuthela kakhulu, lelizwi laba libi kuye; uthi: Banika uDavide izinkulungwane eziyishumi, banginika izinkulungwane kuphela; futhi yini angaba nayo ngaphezu kombuso?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 18:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: “Umcelelelani u-Adoniya u-Abhishagi waseShunemi na? Kungani ungamceleli nombuso, ngokuba ungufowethu? Yebo, wenze kanjalo naku-Abhiyathara, umphristi noJowabe, indodana kaZeruya.”


UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu.


Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


UBhileyamu wathi engelosini kaSimakade: “Ngonile ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni, umelene nami; uma kukubi ukuba ngiqhubekele phambili, ngizophindela emuva.”


Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?


kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku.


USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.


Ngokuba ngazo zonke izinsuku indodana kaJese isaphila emhlabeni awuyukuzinza wena nombuso wakho. Ngalokho thumela umlande eze kimi, ngoba kufanele ukuba afe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka