Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 18:3 - IsiZulu 2020

3 UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wayemthanda njengomphefumulo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 18:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.


Nina nonke ningenzele ugobe, akwaze kwaba bikho ongiluma indlebe ukuthi indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese. Akubanga bikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingilalele unyendle njengoba yenza namuhla.”


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka