Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 18:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi eseqedile ukukhuluma loSawuli, umphefumulo kaJonathani wanamathela emphefumulweni kaDavida; uJonathani wamthanda njengomphefumulo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 18:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Manje uma ngibuyela encekwini yakho, ubaba, ngingabuyeli naye, lokhu inceku yakho imthanda kangaka lo mfana,


“Ngidabukile ngawe mfowethu, Jonathani; wawuyigugu elikhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.”


Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho.


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


“Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,


ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu;


Wonke amadoda akwa-Israyeli abuthana ukuze ahlasele umuzi, ehlangene eyimbumba.


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga.


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.


UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace.


UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.


Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”


Nina nonke ningenzele ugobe, akwaze kwaba bikho ongiluma indlebe ukuthi indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese. Akubanga bikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingilalele unyendle njengoba yenza namuhla.”


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka