Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 17:34 - IsiZulu 2020

34 UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayaluse izimvu zikayise lapho kufika ingonyama nebhere kuthatha imvu emhlambini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise; lapho kwafika ingonyama nebhere* kwathatha imvu emhlambini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UDavide wayesethi kuSawule: “Inceku yakho yayiluse izimvu zikayise, kwafika ingonyama nebhere, zathatha imvu emhlambini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 17:34
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Angikaze ngilethe kuwe edweshulwe yizilo zasendle. Uma kwenzekile yafa bengiyaye ngilithwale mina lelo cala. Ubukufuna kimi okwebiwe emhlanjini wakho, noma kwebiwe emini noma ebusuku.


UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli, wabulala amaqhawe amabili, u-Ariyeli wakwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini, ngosuku kukhithike iqhwa.


Ngiyazikhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.


Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.”


Ngokuba sengizakuvusa umelusi ezweni ongayukuzinakekela ezilimeleyo, angazifuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezinamanxeba, angazesekeli ezintekenteke, kodwa adle inyama yezikhulupheleyo, adabule izinselo zazo.”


Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nokunyanyekayo emazinyweni abo, nabo bayakuba yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekhroni njengamaJebusi.


Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.


“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


ukubekezela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.


okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.


UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.


UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema.


USawule wathi kuDavide: “Awunawo amandla okuphuma uyolwa nalowo mFilisti, ngokuba wena usengumfana nje; yena uyindoda yempi kusukela ebusheni bakhe.”


Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka