Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 13:6 - IsiZulu 2020

6 Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 13:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; kungcono siwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu. Kepha mangingaweli neze esandleni somuntu.”


Kodwa laba bangabantu abaphuciweyo baphangwa; bonke bacushwe emigodini, bafihlwa emajele; bangabokuphangwa, akekho obasindisayo, bayimpango, akekho nothi: “Buyisa.”


Umgodi lapho u-Ishmayeli alahla khona izidumbu zamadoda ayewabulele kwakuwumgodi omkhulu owawumbiwe yinkosi u-Asa, ukuze azivikele kuBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli. U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wawugcwalisa ngezidumbu zababuleweyo.


“Uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngifunga ngiyagomela ngithi, labo abasezindaweni ezichithakele impela bayokufa ngenkemba, osendle ngiyakumnikela ezilwaneni ukuba zimudle, nabasezinqabeni nasemigedeni bayobulawa wubhubhane.


Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu;


izwe lalingabafanele, bahamba emahlane, ezintabeni, emihumeni nasemigedeni yomhlaba.


Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.


Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu.


Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.


Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni.


USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.


Baziveza bobabili kulo ibutho lamaFilisti. AmaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHebheru ayaphuma emigodini acashe kuyo.”


Bonke abakwa-Israyeli ababecashe kwelezintaba kwa-Efrayimi bezwa ukuthi amaFilisti abalekile, nabo bawaxosha ngempi.


Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibheya, bathi: “UDavide akacashile yini phakathi kwethu ezinqabeni eHoreshi egqumeni iHakhila, eliseningizimu yeJeshimoni na?


Wafika ezibayeni zezimvu ezaziseceleni kwendlela, kwakukhona umgede lapho; uSawule waphambukela khona ukuba ayozembesa izinyawo. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva phakathi emgedeni.


Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.


Esezwile amaFilisti ukuthi abakwa-Israyeli babuthene eMizpha, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukuyolwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli bezwa, bagcwala ukwesaba phambi kwamaFilisti.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka