Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 12:17 - IsiZulu 2020

17 Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Akuvunwa ukolweni namuhla na? Ngiyakumbiza uJehova, anise ukuduma nemvula; ukuze nibone, nibone ukuthi ububi benu bukhulu enibenzile phambi kukaJehova ngokuzicelela inkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 12:17
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.


Ngakusasa uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu. Kepha manje ngizakukhuphukela kuSimakade, hleze ngikwazi ukunihlawulela isono senu.”


Njengeqhwa ehlobo, nemvula ngesikhathi sokuvuna, kanjalo udumo alusifanele isiwula.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Ngosuku uSimakade anikela ngalo ama-Amori ku-Israyeli, uJoshuwa wakhuluma noSimakade ephambi kwabantu bakwa-Israyeli wathi: “Langa, yima nse eGibheyoni, nawe nyanga, esigodini i-Ayijaloni.”


Manje nansi-ke inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; niyabona-ke, uSimakade unibekele inkosi ukuba inibuse.


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Zikhulekele izinceku zakho kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuze singafi, ngokuba senezele phezu kwabo bonke ububi bethu ngokuzicelela inkosi.”


Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”


USamuweli wathi: “Buthelani wonke u-Israyeli eMizpha, ukuze nginikhulekele kuSimakade.”


Kodwa lokho kwaba kubi emehlweni kaSamuweli, lapho ethi: “Sinike inkosi ukuba isehlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuSimakade.


USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka