Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kuThimothewu 3:13 - IsiZulu 2020

13 Ngokuba lawo akhonze kahle, azuza igama elihle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKhristu uJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuba abakhonze kahle bazizuzela udumo oluhle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba abakhonze kahle bazizuzela udumo oluhle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kuThimothewu 3:13
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


“Wathi kuyo: ‘Kuhle-ke, nceku enhle, ngokuba wethembekile kokuncane, uzakubusa imizi elishumi.’


Kuthe lapho esefikile esikhwelweni, wathwalwa ngamabutho ngenxa yokuminyana kwesixuku,


Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.


Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya.


UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.


Ngiyanincenga manje bazalwane, niyazi ukuthi indlu kaStefana iwulibo lokuqala lwase-Akhaya, nokuthi bazinikela ukuba basize abangcwele,


Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.


Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.


Ngikulobela lokhu ngethemba lokuthi ngizakuza kuwe kungakapholi maseko.


Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka