Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kuThimothewu 1:4 - IsiZulu 2020

4 futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 futhi ninganaki izinganekwane nezinhlu zozalo ezingenakuphela, ezibanga imibuzo, kunokwakha kukaNkulunkulu okusekukholweni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 futhi ninganaki izinganekwane nezinhlu zozalo ezingenakuphela, ezibanga imibuzo, kunokwakha kukaNkulunkulu okusekukholweni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kuThimothewu 1:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Uma impela senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu angiphe wona ngenxa yenu,


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu,


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo,


Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo.


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


Kodwa ziqhelelanise empikiswaneni engubuwula nengenangqondo, wazi ukuthi lokho kudala ukulwa.


Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.


UPawula, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Khristu, ngenxa yokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nangokulazi iqiniso eliholela ekumesabeni uNkulunkulu,


benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.


kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude.


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka