Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




URuthe 4:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bonke abantu ababesesangweni namadoda amakhulu bathi: “Singofakazi.” UJehova makenze owesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli nanjengoLeya abakha indlu yakwa-Israyeli bobabili; wenza kahle e-Efrati, waduma eBetlehema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Bonke abantu ababelapho esangweni, namalunga, basho ngazwi linye bathi: “Singofakazi. Sengathi uSimakade angamenza lona wesifazane ozohlala endlini yakho abe njengoRaheli noLeya, bobabili abayakha indlu ka-Israyeli. Sengathi ungaba nempumelelo e-Efratha ube nodumo eBhethlehema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




URuthe 4:11
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Efroni wahlala phakathi kwabantwana bakwaHeti; u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti kubo bonke abangena ngesango lomuzi wakhe, wathi:


Basebembusisa uRebeka, bathi kuye: Wena ungudadewethu, ube ngunina wezinkulungwane zezigidi, inzalo yakho idle ilifa lesango lalabo abayizondayo.


ULabani wayenamadodakazi amabili, igama lenkulu lalinguLeya, igama lencinyane lalinguRaheli.


Kwathi sekusile, wabona ukuthi nguLeya, wathi kuLabani: “Wenzeni kimi na?” Angikukhonzanga uRaheli na? pho ungikhohliseleni?


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.


Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;


Amadodana kaRaheli ngu UJosefa noBenjamini:


Khona-ke waloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wathumela izincwadi emadodeni amadala nasezikhulwini ezazisemzini wakhe, ezazihlala noNabhoti.


uSalima, uyise wabaseBhetelehem, uHaref, uyise wabaseBhete-gadere.


Bheka, sikuzwile e-Efrati, sikufumene endle;


Wonke owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.


Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, ngokuba ihlezi phakathi kwamalunga ezwe.


Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini.


Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.


Uma indoda ingathandi ukuthatha umkamfowabo, umkamfowabo makakhuphuke aye esangweni kumalunga, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusa umfowabo igama kwa-Israyeli, akayikugcwalisa umthetho. Umsebenzi womfowabo womyeni wami.


Khona umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo sakhe onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni, aphendule athi: Kuyakwenziwa kanjalo kulowo muntu osendlini yomfowabo.


Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka