Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 8:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Yilokhu okungokwamaLevi: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu kumelwe angene enkonzweni yetende lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Yilokhu okungokwamaLevi: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu ayakungena ukugcina umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 “Nanku umsebenzi wabaLevi: kusukela kwabaneminyaka engama-25 kuya phezulu, kwabayongena ukwenza umsebenzi wenkonzo ethendeni lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 8:24
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, futhi umumo wabo ngamavoti abo, indoda ngendoda, yayiyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.


Bobabili ngohlu lozalo lwabapristi ngemindeni yabo namaLevi kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngokwenkonzo yabo ngezigaba zabo;


Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuya kwabaneminyaka engamashumi amahlanu kumelwe uwabale; bonke abangena ukwenza inkonzo, ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.


kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano.


kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuse kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, wobabala bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.


kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuze kufike kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, bonke abangena enkonzweni yomsebenzi etendeni lokuhlangana,


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Futhi kusukela eminyakeni engamashumi amahlanu ubudala bayoyeka ukulinda inkonzo yayo futhi ngeke besakhonza.


Ngubani ophuma impi ngezindleko zakhe na? Ngubani otshala isivini, angadli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?


(Ngokuba izikhali zempi yethu azisizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba;)


Lo myalo ngiwunika wena Thimothewu, ndodana, ngokweziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe impi enhle;


Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma isivumo esihle phambi kofakazi abaningi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka