Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 6:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 INkosi izakuphakamisa ubuso bayo phezu kwakho, ikuphe ukuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.” ’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 uSimakade makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 6:26
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.


Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.


Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngosizo lobuso bakhe.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.


Babusisiwe abantu abayaziyo intokozo; bayakuhamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


Nkosi, uyakusimisela ukuthula, ngokuba wena wenze yonke imisebenzi yethu kithi.


Uzamlondoloza omicabango yakhe ihlezi phezu kwakho ngokuthula okupheleleyo, ngoba uthembele kuwe.


Ngiyadala isithelo sezindebe; Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; ngiyakumphulukisa.


Lowo uyakuba ngukuthula, lapho umAsiriya engena ezweni lakithi; uma enyathela ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezinduna eziyisishiyagalombili.


Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.


Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.


Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke ngezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka