Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 5:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khona-ke kumelwe basivume isono sabo abasenzile; uyakubuyisela isiphambeko sakhe ngekhanda layo, enezele okwesihlanu kwakho, amnike lowo one ngako.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 5:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngasivuma isono sami kuwe, kangibufihlanga ububi bami. Ngathi: Ngifuna ukuzivuma iziphambeko zami kuJehova; futhi wathethelela ububi besono sami. Sela.


Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.


Uma bevuma ububi babo nobubi bawoyise ngesiphambeko sabo abasona kimi, nokuthi bahambe bemelene nami;


Futhi nami ngahamba ngokumelene nabo futhi ngabaletha ezweni lezitha zabo; uma izinhliziyo zabo ezingasokile zithotshiswa, bese besamukela isijeziso sobubi babo;


Uma umphefumulo wenza isiphambeko, wona ngokungazi ezintweni ezingcwele zeNkosi; Woletha umnikelo wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini, njengokulinganisa kwakho amashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala.


Kumelwe alungise umonakalo awenzile endlini engcwele futhi anezele kuyo ingxenye yesihlanu ayinike umpristi; umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo ngenqama yomnikelo wecala futhi uyothethelelwa.


Uma enecala kwenye yalezo zinto, uyakuvuma ukuthi wonile kuleyo nto.


Njengomnikelo wesono, unjalo umnikelo wecala: munye umthetho wawo: umpristi owenza ukubuyisana ngawo uyakuba nawo.


Kepha uma lowo muntu engenasihlobo segazi sokuphindisela icala, maliphindiselwe icala kuJehova, yebo, kumpristi; ngenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ngayo ukubuyisana.


UZakewu wema wathi eNkosini; Bheka, Nkosi, inxenye yempahla yami ngiyipha abampofu; futhi uma ngithathe utho kumuntu ngamanga, ngimbuyisela ngokuphindwe kane.


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, mnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye; manje ngitshele okwenzileyo; ungangifihleli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka