UNumeri 35:5 - Contemporary Zulu Bible 20245 Niyakulinganisa nivela ngaphandle komuzi, izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ohlangothini lwasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ohlangothini oluseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho; umuzi uyakuba phakathi, ube idlelo lawo lemizi. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE5 Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20205 Umuzi niyakuwulinganisa ngaphandle kanje: ngasempumalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, eningizimu, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, entshonalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000 nangasenyakatho, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000; umuzi ube phakathi. Lokho kuyoba ngamadlelo emizi yabo. Uka jalj uñjjattʼäta |