Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:38 - Contemporary Zulu Bible 2024

38 neNebo, neBali Mehoni, lapho amagama aguqukayo, neSibima; bayiqamba amanye amagama imizi abayakhayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

38 iNebho, neBhali Mehoni neSibhima; yonke imizi bayiqamba amagama amasha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:38
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Isaka wabuye wemba imithombo ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise; ngoba amaFilisti azivala ngemva kokufa kuka-Abrahama, futhi wawaqamba ngamagama uyise ayewaqambe ngawo.


Emadodaneni aseNebo: uJehiyeli, noMatitja, noSabadi, noSebina, noJadawu, noJoweli, noBenaya.


Ziyakwanda izinsizi zabo abaxosha omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yokuphuzwa yegazi, namagama abo angiyikuwaphatha ngomlomo wami.


Niqaphele kukho konke enginitshele khona; igama labanye onkulunkulu ningaliphathi, lingazwakala emlonyeni wenu.


Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile, nomvini waseSibima; ababusi bezizwe badiliza izithombo zawo, zaze zafika eJazeri, zazulazula ehlane; amagatsha awo aneluliwe, aphezu kolwandle.


UBeli wakhothama, uNebo wakhothama, izithombe zabo zaziphezu kwezilwane nezinkomo; izinqola zakho zazithwele kanzima; ziwumthwalo esilwaneni esikhathele.


NgoMowabi usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye kulo iNebo! ngoba lonakele; IKiriyatayimi laba namahloni, lathathwa; UMisgabi unamahloni futhi uthukile.


Futhi ukwahlulelwa kwehlela emaphandleni; phezu kweHoloni, naseJahasa naseMefaat,


naseKiriyatayimi, naseBeti-Gamule, naseBetimeyoni;


Ngalokho bheka, ngiyakuvula ihlangothi lakwaMowabi emizini, nasemizini esemngceleni wayo, inkazimulo yezwe, iBeti Jeshimoti, neBali Meyoni, neKiriyatayimi,


Ngangomuso uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, ukuze abone ukuphela kwabantu elapho.


i-Ataroti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elale, neSebam, neNebo, neBeyoni;


Abantwana bakwaRubeni bakha iHeshiboni, ne-Elale, neKiriyatayimi;


Ufele entabeni okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini; njengalokhu umfowenu u-Aroni afela eNtabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo.


ukuze lingangeni phakathi kwalezi zizwe eziseleyo phakathi kwenu; futhi ungaliphathi igama labonkulunkulu babo, ufunge ngabo, ungabakhonzi, ungabakhothameli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka