Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 28:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umhlatshelo wami nesinkwa sami seminikelo yami yomlilo, kube yiphunga elimnandi kimi, niyakuletha nokuqaphela kimi ngesikhathi esifanele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 28:2
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.


nokunikela ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi, ngokwenani, ngokomthetho ababeyaliwe ngawo, phambi kukaJehova njalo.


UJehoyada wamisa izikhundla zendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisa endlini kaJehova ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa kaJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngokuthokoza. Nangokuhlabelela, njengokunquma kukaDavide.


Wamisa nesabelo senkosi sempahla yayo njengeminikelo yokushiswa, eyeminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa, neminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwezinyanga, neyemikhosi, njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.


Khona-ke uJeshuwa, indodana kaJosadaki, nabafowabo, abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze banikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa njengokulotshiweyo emthethweni uMose umuntu kaNkulunkulu.


Balibeka i-altare ezisekelweni zalo; ngoba ukwesaba kwakuphezu kwabo ngenxa yabantu balawomazwe; banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa.


Senza inkatho phakathi kwabapristi namaLevi nabantu ngeminikelo yokhuni ukuba bayingenise endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezimisiweyo iminyaka ngeminyaka, ukushisa i-altare kaJehova uNkulunkulu wethu, njengokulotshiweyo emthethweni.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga, ngesikhathi esimisiweyo, ngosuku lwedili lethu.


Kumelwe ugubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo (izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, njengoba nje ngakuyala, ngesikhathi esimisiwe senyanga ka-Abibi, ngoba waphuma ngayo eGibhithe, futhi akekho oyolala phambi kwami ayiveli).


Uthunqise inqama yonke ngomlilo e-altare; ingumnikelo wokushiswa kuJehova; kuyiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Ukudla kwami engakunika khona, impuphu ecolekileyo, namafutha, nezinyosi, engakondla ngakho, wakunika khona, kube yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.


Ngiyakunithokozisa ngephunga lenu elimnandi, lapho nginikhipha kubantu, nginibutha emazweni enihlakazekele kuwo; njalo ngizangcweliswa kuwe phambi kwabezizwe.


Kuyakuba ngeyesikhulu ukuletha iminikelo yokushiswa, neminikelo yokudla, neminikelo yokuphuzwayo ngemikhosi, nangokuthwasa kwenyanga, nangamasabatha, ngayo yonke imikhosi yendlu yakwa-Israyeli; kumelwe alungise umnikelo wesono. Nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula, ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


Kodwa kumelwe ageze izibilini nezinyawo ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akulethe konke akushise e-altare; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.


Uyakuliqhekeza ngamaphiko akhe, angalidabuli libe yizicucu; umpristi awuthungele e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, iphunga elimnandi kuJehova.


Kodwa kumelwe ageze izibilini zakhe namanqina akhe ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akushise konke e-altare njengomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.


Kumelwe babe ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangangcolisi igama likaNkulunkulu wabo; ngoba baletha iminikelo yomlilo kaJehova lesinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.


Ngakho ufanele umngcwelise; ngoba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; makabe ngcwele kini; ngokuba mina, iNkosi, eningcwelisa, ngingcwele.


Umpristi uyakuwukhanyisa e-altare: kungumnikelo wokushiswa kuJehova.


Kodwa lina liyalingcolisa ngokuthi: Itafula leNkosi lingcolisiwe; nesithelo sawo, yebo, ukudla kwawo kunengekile.


Niletha isinkwa esingcolile e-altare lami; futhi nithi: “Sikungcolise ngani na? Ngokuba nithi: Itafula leNkosi lidelelekile.


Kuyakuthi, uma kwenziwa ngokungazi ibandla lingazi, ibandla lonke liyakulungiselela ijongosi elilodwa libe ngumnikelo wokushiswa, libe yiphunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo walo wokudla nomnikelo walo wokuphuzwayo, ngokomthetho, nenqama eyodwa ibe ngumnikelo wesono.


Niyakunikela kuJehova ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa noma umnikelo wokugcwalisa isithembiso noma umnikelo wesihle noma emikhosini yenu, ukunikela ngephunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezinkomo noma owezilwane umhlambi:


Njalo uzalungisa ingxenye yesithathu yehini lewayini njengomnikelo wokunathwayo, libe yiphunga elimnandi eNkosini.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Lezizinto niyakuzenza kuJehova emikhosini yenu, ngaphandle kwezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, neminikelo yenu yokushiswa, neminikelo yenu yempuphu, neminikelo yenu yokuphuzwa, neminikelo yenu yokubonga.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambweni, edelele ukugubha iphasika, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwabantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomhlatshelo weNkosi ngesikhathi esimisiweyo, lowo muntu uyakuwukhokha. Isono sakhe sigqoka.


Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe ngesidumbu somuntu; sivinjelwani ukuba singanikeli umhlatshelo weNkosi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngesikhathi sayo esimisiweyo na?


Ngokuba thina siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu phakathi kwabasindiswayo nakwababhubhayo;


nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.


Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka