Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 23:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkabi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UBileyamu wathi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Ngakhele lapha ama-althare ayisikhombisa, bese ungilungisela izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 23:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uma nithi kimi: ‘Simethemba uJehova uNkulunkulu wethu, akusiye ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe uHezekiya akudilizile, wathi kuJuda neJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema na?


Lapho uNkulunkulu esiza amaLevi ayethwele umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.


Baletha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa namawundlu ayisikhombisa nezimpongo eziyisikhombisa njengomnikelo wesono wombuso nowendlu engcwele noJuda. Wayala abapristi, amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngazo e-altare likaJehova.


Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.


Ungenzele i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokubonga, izimvu zakho nezinkomo zakho phezu kwalo; kuzo zonke izindawo lapho engichaza khona igama lami, ngizoza kuwe futhi ngikubusise.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.


Izinsuku eziyisikhombisa zomkhosi kumelwe alungisele uJehova umnikelo wokushiswa: izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici nsuku zonke izinsuku eziyisikhombisa; nezinyane lembuzi libe ngumnikelo wesono imihla ngemihla.


Ngangomuso uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, ukuze abone ukuphela kwabantu elapho.


UBalaki wenza njengokukhuluma kukaBileyamu; oBalaki noBileyamu banikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.


UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.


UBalaki wenza njengokusho kukaBileyamu, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.


Ngosuku lwesikhombisa izinkunzi eziyisikhombisa, izinqama ezimbili, nezimvu zamawundlu ezineminyaka eyishumi nane ezingenasici;


Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka