Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 20:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 UMose wakhumula izingubo zika-Aroni, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UMose wamkhumula u-Aroni izambatho zakhe, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

28 UMose wamkhumula u-Aroni izembatho zakhe, wazigqokisa u-Eleyazare, indodana yakhe. U-Aroni wafela khona lapho esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 20:28
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukuba zisize uSolomoni indodana yakhe, wathi:


Kumelwe kube ngelika-Aroni namadodana akhe ngokwesimiso esiphakade esivela kubantwana bakwa-Israyeli; ngoba kungumnikelo wokuphakanyiswa; kuyakuba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli weminikelo yokubonga, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.


U-Aroni wazithathela u-Eliseba, indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaasoni; wamzalela uNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.


Khona-ke umkhumule u-Aroni izingubo zakhe, uzigqokise u-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyobuthelwa kubantu bakubo, afele khona.


UMose wenza njengalokho uJehova emyalile, bakhuphuka entabeni yaseHori phambi kwamehlo ayo yonke inhlangano.


Uma ubona lokhu, nawe kumelwe ubuthelwe kubantu bakini njengoba u-Aroni umfowenu wabuthwa.


Basuka eHashimona bamisa inkamba eMoseroti.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti eBene Jakani, baya eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza esikhundleni sakhe njengompristi.


UMose inceku kaJehova wafela khona ezweni lakwaMowabi njengezwi likaJehova.


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Ngaphezu kwalokho ngizakukhuthalela ukuba nibe-namandla njalo emva kokumuka kwami lezo zinto zikhunjulwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka