Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 16:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Bona kanye nakho konke okwabo behlela egodini bephila, umhlaba wabavala, futhi babhubha phakathi kwebandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

33 Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 16:33
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni wengcwaba, njengalapho egawula ecanda izinkuni emhlabeni.


Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini.


Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.


Mina-ke, ngizabiza uNkulunkulu; uJehova uyakungikhulula.


Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.


Umfula ungangigcwali, umfula ungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli umlomo wawo phezu kwami.


Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.


Nokho uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.


Isihogo esingaphansi silungiselelwe wena ukuba sikuhlangabeze ekufikeni kwakho; kwabangela ukuba wonke amakhosi ezizwe aphakame ezihlalweni zawo zobukhosi.


Ngokuba iHayidese alinakukudumisa, ukufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthemba iqiniso lakho.


Ukuze kungabikho nesisodwa esihlahleni esisemanzini esiziphakamisayo, singaphumi isihloko saso phakathi kwamagatsha aminyene, nemithi yaso ingemi ekuphakameni kwayo, yonke ephuza amanzi; ngokuba bonke banikelwe ekufeni, ezindaweni eziphansi zomhlaba, phakathi kwabantwana babantu, kanye nabehlela egodini.


Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usilahle phansi, lona namadodakazi ezizwe ezaziwayo, ezindaweni eziphansi zomhlaba, kanye nalabo abehlela egodini.


Kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke, nabo bonke abaseSidoni abehla nababuleweyo; ngokwesaba kwabo bajabhile ngamandla abo; balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bathwele ihlazo labo kanye nabehlela egodini.


Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo.


Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”


Imbongolo yangibona, yachezuka kimi kathathu;


Kodwa abantwana bakaKora abazange bafe.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka