Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 16:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wakhuluma ebandleni, wathi: “Sukani ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho lwabo, funa nibhubhe ezonweni zabo zonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 16:26
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esebakhiphele phandle wathi: “Balekani ukuphila kwenu; ungabheki emva kwakho, ungahlali ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.


Sukani, sukani, lisuke lapho, lingathinti okungcolileyo; phuma kuye; Hlambuluka nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Balekani eBabele, nisindise, kube yilowo nalowo umphefumulo wakhe; ngoba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova; uzayibuyisela kuye.


UMose wayesesuka, waya kuDathani no-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela.


Njalo loba ngubani ongayikunamukela engalaleli amazwi enu, nxa liphuma kuleyondlu kumbe kulowomuzi, thintithani uthuli lwenyawo zenu.


Kodwa babathintithela uthuli lwezinyawo zabo, bafika e-Ikoniyu.


Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


Futhi akukho lutho oluqalekisiweyo oluyonamathela esandleni sakho, ukuze uJehova aphenduke ekuvutheni kwentukuthelo yakhe, abe nomusa kini, abe nomusa kini, akwandise, njengalokho athembisa oyihlo ngesifungo;


Ungasheshi ubeke izandla phezu komuntu, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine uhlanzekile.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka