Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 9:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 9:15
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, ongumnikazi wezulu nomhlaba,


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


owaphendula idwala libe yimanzi amile, itshe libe ngumthombo wamanzi.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha.


Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?


Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.


Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.


Futhi abomanga lapho ebahola ehlane; Wabaphumisela amanzi edwaleni; Futhi waqhekeza idwala, futhi amanzi aphuma.


Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.


Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;


Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe phambi kwenu; khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo eshilo kini; ningesabi, ningapheli amandla.


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka