Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 6:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kungakho wayeqashiwe, ukuze ngesabe, ngenze njalo, ngone, babe necala elibi, bangihlebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Babemqashe ngenhloso yokungesabisa ukuze ngenze isono ngokwenza kanjalo, bangigxibhe, bangithele ngehlazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 6:13
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi bheka, ngabona ukuthi uNkulunkulu wayengamthumanga; kodwa ukuthi ukhulume lesi siprofetho ngami, ngokuba uThobiya noSanibhalati bamqashile.


Kulotshiwe kulo ukuthi: Kuzwakele kwabezizwe, noGasmu usho lokhu ukuthi wena nabaJuda nicabanga ukuhlubuka; ngalokho ulwakhile ugange, ukuze ube yinkosi yabo ngokwalawa mazwi.


Igama elihle lingcono ukukhetha kunengcebo eningi, nomusa kunesiliva negolide.


Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.


Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu.


Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.


Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?


Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Ngokuba ngizwile inhlamba yabaningi, ukwesaba nxazonke. Basho, babike, futhi sizobika. Bonke ababengazana nami babheka ukuthi ngime bathi: Mhlawumbe uzolingwa, futhi sizomnqoba futhi siziphindisele kuye.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Khona abaFarisi basuka benza icebo lokumthiya ekukhulumeni kwakhe.


Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale;


Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho;


Kodwa engikwenzayo, lokho ngizakwenza, ukuze ngiqume ithuba kwabafuna ithuba; ukuze kulokho abaziqhayisa ngakho, baficwe benjengathi.


Ngakho-ke ngithanda ukuba abesifazane abasha bagane, bazale, baphathe umuzi, banganiki isitha ithuba lokuthuka.


Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.


Inkulumo ephilileyo engenakulahlwa; ukuze ophambeneyo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngani.


Ngakho-ke kokwaziyo ukwenza okuhle kodwa angakwenzi, kuye kuyisono.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka