Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uyakhuza ulwandle, alomise, ayomise nemifula yonke; iBashani liyabuna neKarmeli, nembali yaseLebanoni iyabuna.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ukhuza ulwandle, alomise, nemifula yonke ayishise, iBhashani neKharimeli kuyabuna, kuntshwame nezimbali eLebhanoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 1:4
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;


Kwabonakala imisele yolwandle, izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova ngokuphephetha komoya wamakhala akhe.


wathi: “Uzakuza kuze kube manje, kepha awuyikudlula; lapha kuyakuvinjwa amaza akho aziqhenyayo na?


Ngaphambi kokusola kwakho abaleka; ngezwi lokuduma kwakho zashesha zasuka.


Futhi wayikhuza iSchelfsee, futhi yoma; wabahola ekujuleni kungathi badabula ugwadule.


Ulwandle lwakubona lwabaleka, iJordani labuyela emuva.


Kwenzeni kuwe, lwandle, uze ubalekele? wena Jordani, ukuthi uphindiselwe emuva?


Wathumela esezulwini, wangibamba, wangikhipha emanzini amaningi.


Nguwena owahlukanisa umthombo nomfula, womisa imifula enamandla.


Umhlaba uyalila, udangele, iLebanoni limi ihlazo, ligawuliwe; iSharoni injengehlane; iBashani neKarmeli kuvuthulula izithelo zawo.


Ngiyakuchitha izintaba namagquma, ngomise zonke izitshalo zakho; ngiyakwenza imifula ibe yiziqhingi, ngomise namachibi.


Othi kulo utwa: Yitshani, ngikomise imifula yakho.


Akusuwe yini owomisa ulwandle, amanzi otwa olukhulu; ukuthi ukujula kolwandle kwenza abahlengwayo badabule indlela?


Ngiyakomisa imifula, ngithengise ngezwe esandleni sababi; ngiyakwenza izwe nakho konke okukulo kube yihlane ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.


ukuze kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke abasemhlabeni, nezintaba zithuthumele. Idiliziwe, nemimango iyowa, nalo lonke udonga luyowela phansi.


Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.


Mfuneni owenza izinkanyezi eziyisikhombisa ne-Oriyoni, ophendula ithunzi lokufa libe ukusa, afiphaze imini nobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.


Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu.


Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka