Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 2:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe nobuhlungu benhliziyo yakhe awushikashikeka phansi kwelanga na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 2:22
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyize ukuthi nivuke ekuseni, nilale ebusuku, nidle isinkwa sosizi; ngoba ulalisa othandiweyo wakhe.


Osebenzayo uzikhandlekela; ngoba umlomo wakhe uyakufuna kuye.


Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na?


Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele;


Usizani osebenzayo ngalokho akukhandlekayo?


Kungcono ukuthula okuncane kunezandla zombili ezigcwele umshikashika nokuphangisa.


Kukhona oyedwa, akakho owesibili; yebo, akanamntwana noma umfowabo; nokho umshikashika wakhe awupheli; futhi iso lakhe alisuthi ingcebo; akasho ukuthi: Ngisebenzela bani, ngiphuce umphefumulo wami okuhle na? Kuyize futhi, yebo, kuyinkathazo ebuhlungu.


Futhi zonke izinsuku zakhe udla ebumnyameni, futhi unosizi kanye nentukuthelo enkulu ngenxa yokugula kwakhe.


Ngase ngincoma ubuhle, ngokuba akukho lutho olungcono kumuntu phansi kwelanga kunokuba adle, aphuze, ajabule; ngoba kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona phansi kwelanga.


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke;


Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?


Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.


Wasesithi kubafundi bakhe: Ngakho ngithi kini: Lingakhathaleli impilo yenu, ukuthi lizakudlani; noma ngomzimba ukuthi niyakwembathani.


Futhi ningafuni eniyakudlani noma niyakuphuza, futhi ningabi ngabangabaza.


ukuze nibathobele abanjalo, nakubo bonke abasizayo nabakhandlekayo kanye nathi.


Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


Futhi sinokudla nezambatho masaneliswe yikho.


Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka