Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 3:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Amazwi enu ayenamandla ngokumelene nami,” usho uJehova. Kepha nina nithi: ‘Sikhulumeleni kangaka ngawe na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Amazwi enu ayelukhuni kimi,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Sikhulumeni ngawe na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 “Amazwi enu angigxekile,” kusho uSimakade. “Kodwa niyabuza nithi: ‘Sikhulume sathini ngawe na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 3:13
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uphendulela uNkulunkulu umoya wakho, ukhuphe amazwi anjalo emlonyeni wakho?


Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge?


Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.


Wayesethi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe ukuba ngimyeke u-Israyeli ahambe na?” Angimazi uJehova, futhi ngeke ngivumele u-Israyeli ahambe.


Ngokuba iJerusalema libhuqiwe, noJuda uwile, ngokuba ulimi lwabo nezenzo zabo zimelene noJehova ukuba bacunule amehlo enkazimulo yakhe.


Ngubani omthukile, wamhleba? Uphakamisele bani izwi lakho, uphakamisele amehlo akho phezulu, na? ngisho ngokumelene noNgcwele ka-Israyeli.


Ngilaleleni nina eninesibindi, enikude nokulunga.


Abathi: Kaphangise, awuphangise umsebenzi wakhe, ukuze siwubone; icebo loNgcwele ka-Israyeli malisondele lize, ukuze silazi!


Kodwa selokhu sayeka ukushisela indlovukazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, santula yonke into futhi saqedwa ngenkemba nangendlala.


Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.


Kodwa lina lithi: Indlela yeNkosi kayilingani. Yizwani nina ndlu ka-Israyeli! Indlela yami ayilingani na? izindlela zenu azilingani na?


Kanjalo nazidla ngami ngomlomo wenu, nanda amazwi enu kimi; ngiwezwile.


Bayabuya, kepha ababuyeli koPhezukonke; banjengomnsalo okhohlisayo; izikhulu zabo ziyakuwa ngenkemba ngenxa yentukuthelo yolimi lwabo; kuyakuba yinhlekisa kubo ezweni laseGibithe.


Kodwa lina lithi: Ngani? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho owaphambuka kuye; nokho ungumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Kodwa nithi: Simdinise ngani? Uma nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova, uyajabula ngabo; noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?


Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba yizwe elithandekayo,” usho uJehova Sebawoti.


Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?


Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho wangiphanga. Kodwa nithi: “Sikuphange ngani na? Kweshumi neminikelo.


Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?


Omeleneyo oziphakamisayo phezu kwakho konke okuthiwa nguNkulunkulu, nokukhonzwayo; kangangokuthi yena njengoNkulunkulu uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonisa ukuthi unguNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka