Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 8:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wageza izibilini namathambo ngamanzi; uMose wayishisa yonke inqama e-altare; kwakungumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi nomnikelo womlilo kuJehova; njengalokho uJehova emyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 UMose wageza ngamanzi ezangaphakathi namanqina, yonke inyama yenqama wayishisa e-althare; yaba ngumnikelo wokushiswa, oyiphunga elimnandi, ingumnikelo womlilo kuSimakade njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 8:21
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.


Ningayidli iluhlaza, futhi ingacwiliswanga nhlobo emanzini, kodwa yosiwe emlilweni; ikhanda layo nemilenze yalo, kanye nokusunduza kwalo.


Uthunqise inqama yonke ngomlilo e-altare; ingumnikelo wokushiswa kuJehova; kuyiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


UMose wenza-ke; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo.


Kodwa kumelwe ageze izibilini nezinyawo ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akulethe konke akushise e-altare; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.


Uyakuliqhekeza ngamaphiko akhe, angalidabuli libe yizicucu; umpristi awuthungele e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, iphunga elimnandi kuJehova.


Kodwa kumelwe ageze izibilini zakhe namanqina akhe ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akushise konke e-altare njengomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.


Umpristi kumelwe athathe kuwo umnikelo wesikhumbuzo emnikelweni wempuphu awushise e-altare; kungumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


UMose wayesesondeza amadodana ka-Aroni, wagqoka izingubo zawo, wawabhincisa amabhande, wafaka izigqoko zawo; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Wamfaka isigqoko ekhanda; nasesigqokweni ngaphambili, wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele; njengalokho uJehova emyalile uMose.


nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka