Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 26:43 - Contemporary Zulu Bible 2024

43 Futhi izwe labo liyohlala futhi lijabulele amasabatha alo lapho liyincithakalo ngaphandle kwabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

43 Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 26:43
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho esosizini, wancenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Ukuba kugcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, izwe laneliswe ngamasabatha alo;


Bheka, ubusisiwe umuntu uNkulunkulu amsolayo; ngalokho awudeleli ukusola kukaSomandla.


Ngingakacindezelwa, ngaduka, kepha manje ngiyaligcina izwi lakho.


Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


ngoba uyazonda ukulaywa njalo ulahla amazwi ami ngemva kwakho.


Jehova, ekuhluphekeni bakuhambela, bathulula umkhuleko ekujeziseni kwakho phezu kwabo.


Ngempela emva kokuphenduka ngaphenduka; kwathi sengiyaliwe, ngashaya inqulu; ngaba namahloni, yebo, namahloni, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.


Kungakho uJehova wabuqaphela ububi wabesehlisela phezu kwethu, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, ngoba asililalelanga izwi lakhe.


Ngiyakumisa itabernakele lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.


Uma nidelela izimiso zami, noma umphefumulo wenu unengwa izahlulelo zami, nize ningenzi yonke imiyalo yami, naphula isivumelwano sami;


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.


Futhi nami ngahamba ngokumelene nabo futhi ngabaletha ezweni lezitha zabo; uma izinhliziyo zabo ezingasokile zithotshiswa, bese besamukela isijeziso sobubi babo;


Bayamzonda okhuzayo esangweni, bamenyanya okhuluma ukulunga.


Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.


Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.


Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe futhi azisole ngezinceku zakhe lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile, futhi akekho oboshiwe noma osele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka