Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 19:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ningebi, futhi ningakhohlisi, ningaqambelani amanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 “ ‘Aniyukweba, aniyukuphathana ngobuqili, aniyukuqambelana amanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 19:11
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho izinceku zika-Abisalomu zifika kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimayo noJonathani na? Owesifazane wathi kubo: “Bawela umfula wamanzi.” Kwathi sebebafunile kodwa ababatholanga, babuyela eJerusalema.


Wathi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; ingelosi yakhuluma kimi ngezwi likaJehova, yathi: “Mbuyisele endlini yakho ukuba adle isinkwa, aphuze amanzi. Kodwa wamqambela amanga.


Ophambayo makangahlali endlini yami; oqamba amanga akayikulibala phambi kwamehlo ami.


Ngathi ngokuphangisa kwami: Bonke abantu banamanga.


Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.


Ungafisi indlu yomakhelwane wakho, ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.


Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo; uyakubuyisela izinkomo ezinhlanu ngenkomo, nezimvu ezine ngemvu.


Uma umuntu enika umakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayigcine, bese yebiwa endlini yalowo muntu; uma isela lifunyanwa, malikhokhe kabili.


Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.


Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho ngeze; futhi ungakhohlisi ngezindebe zakho.


Ngoba kusukela komncinyane kuya komkhulu wabo wonke uzinikele ekuhambweni; kusukela kumprofethi kuye kumpristi bonke benza amanga.


Futhi akumelwe usivune isivini sakho, futhi akumelwe ubuthe zonke izithelo zomvini esivinini sakho; woliyeka lihlale elompofu nomfokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye komunye.


Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.


Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;


Izifebe, labazingcolisa kanye labantu, amasela abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, njalo uba kukhona okunye okuphambana lemfundiso ephilileyo;


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka