Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akasiye omunye; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:27
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu uphakathi kwawo; ngeke antengantenge: uNkulunkulu uzomsiza, futhi kusesekuseni.


Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.


Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.


Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho.


Ningesabi futhi nesabe; ningofakazi bami. Ukhona yini uNkulunkulu ngaphandle kwami? yebo, akekho uNkulunkulu; Angazi lutho.


Ngokuba usho kanje uJehova owadala izulu, uthi: “UNkulunkulu uqobo lwakhe owabumba nowenza umhlaba; Waliqinisa, engadalelwanga ize, walibumba ukuba kuhlalwe kulo. NginguJehova; futhi akekho omunye.


NginguJehova, akakho omunye, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami; Ngikubhincile, nakuba ningangazi.


Ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga ukuthi akakho omunye ngaphandle kwami. NginguJehova, akakho omunye.


Khumbulani izinto zakuqala zasendulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye; nginguNkulunkulu, akakho onjengami,


Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.


Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.


Ngiyakubeka phezu kwenu imisipha, ngenze ukuba kukhuphuke inyama phezu kwenu, nginembese ngesikhumba, ngifake kini umoya, ukuze niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


Ngakho indlu kaIsrayeli izakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo kusukela ngalolosuku kusiya phambili.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo owabayisa ekudingisweni phakathi kwezizwe;


Kangisayikubafihlela ubuso bami, ngoba ngithulule uMoya wami phezu kwendlu kaIsrayeli, itsho iNkosi uJehova.


Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ohlezi eSiyoni, intaba yami engcwele; khona iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula futhi.


Ngokuba ngiyakulihlanza igazi labo engingalihlanzanga, ngokuba uJehova uhlala eSiyoni.


Ngalolo suku aniyikuba namahloni ngazo zonke izenzo zenu eneqe ngazo kimi; ngokuba lapho ngiyakubasusa kini abathokoza ngokuzidla kwenu, ningabe nisazidla ngenxa yentaba yami engcwele.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho; uyakusindisa, ajabule ngawe ngentokozo; uyophumula othandweni lwakhe, ajabule ngawe ngengoma.


Ngokuba bhekani, ngiyakunikina isandla sami phezu kwazo, zibe yimpango yezinceku zazo; niyakwazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile.


UMozisi wasesithi kuye: Ulobukhwele ngenxa yami yini? Kwangathi uNkulunkulu angabapha bonke abantu beNkosi babe ngabaprofethi, futhi uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo!


Akabonanga bubi kuJakobe, no-Israyeli akabonanga nkohliso; uJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nokukhala kwenkosi kuphakathi kwabo.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.


Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka