Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ningesabi nina zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asogwadule ahluma, ngokuba umuthi uthela izithelo zawo, umkhiwane nomvini kuyabanika amandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:22
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho ulima umhlabathi, ngeke usakunika amandla awo; uyakuba ngumbaleki nesihambi emhlabeni.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.


Awela emadlelweni asogwadule, amagquma ayajabula nxazonke.


Amadlelo ambozwe yimihlambi; nezigodi zimbozwe ukolweni; bamemeza ngenjabulo, babuye bahlabelele.


Khona umhlaba uyakuthela izithelo zawo; futhi uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu uqobo, uyosibusisa.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aduduze zonke izincithakalo zalo; Uyakwenza ugwadule lwakhe lube njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaJehova; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa kulo, ukubonga nezwi lokuhuba.


Ngiyakwandisa isithelo somuthi nezithelo zensimu, ukuze ningabe nisakwamukela isihlamba sendlala phakathi kwezizwe.


Futhi bayakuthi: Leli zwe elaliyincithakalo selinjengensimu yase-Edene; namanxiwa, nemizi echithekileyo, nencithakalo yaba ebiyelwe ebiyelwe, yahlalwa.


Kepha nina, zintaba zakwa-Israyeli, niyakuhluma amagatsha enu, nithele izithelo zenu kubantu bami u-Israyeli; ngoba sebeseduze ukuza.


Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?


Kusukela kulezo zinsuku lapho umuntu efika enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakukhona eziyishumi kuphela; lapho kufika amanoni esikhamo ukuba akhiphe izitsha ezingamashumi ayisihlanu emshinini, zazingamashumi amabili kuphela.


Ngoba inzalo izaphumelela; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlaba uthele ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo; ngiyakwenza ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Ngakho-ke otshalayo kalutho, noniselayo kalutho; kodwa uNkulunkulu okhulisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka