Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 21:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Abakwa-Israyeli bababela abaLevi ngonkatho leyo mizi namadlelo ayo; njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 21:8
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimeyoni noLevi bayizelamani; amathuluzi obudlova asezindlini zabo.


Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli.


Inkatho yenzelwa emathangeni; kepha konke ukulunga kwakho kungokukaJehova.


Ukudalelwa kuqeda ukuxabana, kwahlukanisa abanamandla.


Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bafika bakhuluma kuMose naku-Eleyazare umpristi nakubaholi benhlangano bathi:


Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.


Bayakuba nemizi yokuhlala kuyo; amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nempahla yawo, nemfuyo yawo yonke.


Kumelwe nibhale izwe libe izingxenye eziyisikhombisa, nilethe lapha kimi incazelo, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.


Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi efeni lawo njengesiyalezo sikaJehova le mizi namadlelo ayo.


Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babenemizi eyishumi nambili esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni.


Esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni babanika le mizi ebizwa ngegama lapha,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka