Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 17:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa lapho abantwana bakwa-Israyeli sebenamandla, bakhokhisa amaKhanani intela; kodwa kabaxotshanga ngokupheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 17:13
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabona ukuthi ukuphumula kuhle, nezwe limnandi; wagoba ihlombe lakhe ukuba athwale, waba yisigqila sokutheliswa.


Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, kepha uDavide waqhubeka eba namandla ngokuba namandla, nendlu kaSawule yaya ngokuya iba buthaka.


Abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abantwana bakwa-Israyeli ababengenakubaqalekisa, uSolomoni wabakhokhisa intela yenkonzo kuze kube namuhla.


Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Futhi abawaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube namuhla, akhonza ngokuthela.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.


Kwathi lapho u-Israyeli esenamandla, wakhokhisa amaKhanani, awazange awaxoshe ngokuphelele.


UZebuloni akabaxoshanga abahlali baseKitroni nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, aba yizinceku zakhe.


UNafetali akaxoshanga nabakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti-anati; kepha wahlala phakathi kwamaKhanani akhileyo kulelo zwe; kepha abakhileyo eBeti Shemeshi naseBethanati baba ngabathelisi babo.


Kodwa ama-Amori ahlala entabeni yaseHeresi e-Ajaloni naseSaalbimi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka