Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 UJoshuwa wababulala kusukela eKadeshi-Barineya kwaze kwaba seGaza, nalo lonke izwe laseGosheni kuze kufike eGibeyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 UJoshuwa wabachitha kusukela eKadeshi Barineya kuze kufike eGaza, nezwe lonke laseGosheni kuze kufike eGibeyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

41 UJoshuwa wabanqoba kusukela eKadeshi Bharineya kuze kufike eGaza, nalo lonke iGosheni kuze kufike eGibheyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:41
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umkhawulo wamaKhanani wasuka eSidoni, wasinga eGerari, waya eGaza; ekuhambeni kwakho, eSodoma, naseGomora, nase-Adima, naseSeboyimi, naseLasha.


EGibeyoni, uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku, futhi uNkulunkulu wathi: “Cela into engizokunika yona.”


I-Ashikeloni liyakubona lokhu, lesabe; IGaza liyakubona, libe lusizi kakhulu, ne-Ekroni; ngokuba ithemba lalo liyakuba namahloni; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.


Umkhawulo wenu uyakujika usuke eningizimu, uye entabeni yase-Akirabimi, udlule uye eSini; ukuphuma kwawo kusuke eningizimu kuye eKadeshi-Barineya, kudlulele eHasaradari, kudlulele e-Ashimoni.


Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane.


Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.


Ama-Avi ayehlala eHazerimi kwaze kwaba se-Asa, amaKafitori aphuma eKafitori, awachitha, ahlala endaweni yawo.)


Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.


UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni.


Besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu, njengomunye wemizi yenkosi, futhi lalilikhulu kune-Ayi, namadoda alo onke ayenamandla.


UJoshuwa walithatha lonke lelo zwe, izintaba, neningizimu, nalo lonke izwe laseGosheni, nesigodi, nethafa, nezintaba zakwa-Israyeli, nesigodi sayo;


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; kwasala eGaza, naseGati, nase-Ashidodi kuphela.


neGosheni, neHoloni, neGilo; imizi eyishumi nanye nemizana yayo;


USamsoni waya eGaza, wabona lapho isifebe, wangena naso;


AmaFilisti amthatha, amkhipha amehlo, amyisa eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi; waphela amandla etilongweni.


Lawa angamasikela egolide amaFilisti awabuyisela kuJehova njengomnikelo wecala; ele-Ashidodi elilodwa, ngeleGaza elilodwa, ngele-Ashikeloni elilodwa, ngeleGati elilodwa, ngele-Ekroni elilodwa;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka