Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 3:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo kuyo, yembathisa indwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 3:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Ahabi esizwa lawa mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala ngendwangu yamasaka, wahamba kahle.


Wasethatha isitsha sobumba ukuze azinwaye ngaso; wahlala phansi emlotheni.


Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.


Ezitaladini zabo bayakubhinca izingubo zokulila, bakhale bonke, bakhale eziqongweni zezindlu zabo nasezitaladini zabo.


Yisho enkosini nasendlovukazini ukuthi: ‘Zithobeni, nihlale phansi, ngokuba ababusi benu bayakwehla, umqhele wodumo lwenu.


UMika wabatshela wonke amazwi ayewezwile lapho uBharuki efunda incwadi phambi kwabantu.


Kepha abesabanga, baziklebhula izingubo zabo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.


O ndodakazi yabantu bami, bhinca izingubo zokulila, uzigoqe ngomlotha; ulilele njengendodana eyodwa, isililo esimunyu, ngokuba ngokuzumayo umchithi uyakusehlela.


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; bazithela ngothuli emakhanda abo; babhinca izingubo zokulila; izintombi zaseJerusalema zilengisa amakhanda azo emhlabathini.


Ubeka umlomo wakhe othulini; uma kunjalo, kungaba khona ithemba.


Zonke izikhulu zasolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zibeka phansi izingubo zazo, zikhumule izembatho zazo ezilukiweyo; bayogqoka ukuthuthumela; bayohlala phansi beqhaqhazela umzuzu nomzuzu futhi bema bekwesaba.


Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Ningakukhulumi eGati, ningakhali nakanye; zigingqe othulini endlini ka-Afra.


Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.


Ho malimabe uena, Korazine! Ho malimabe uena, Bethsaida! hobane mehlolo e entsweng ho lona, hoja e ka be e etsahetse Tire le Sidone, e ka be e sa le kgale e bakile, ba apere lesela le mahwashe le moloreng.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka