Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 4:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 ‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 4:17
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?


Ngubani ongakhipha okuhlambulukileyo kokungcolile na? hhayi noyedwa.


Uyini umuntu ukuba abe mhlophe? nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na?


Owangenza esiswini akamenzanga na? futhi akasibumbanga namunye esiswini sikanina?


Ngokuba angikwazi ukubiza amagama athophayo; ukuze umenzi wami angisuse masinyane.


Kepha akakho othi: “Uphi uNkulunkulu, uMdali wami, ohuba ebusuku na?”


Ucabanga ukuthi kuqondile yini ukuthi: Ukulunga kwami kungaphezu kokukaNkulunkulu?


Ngiyakususela kude ukwazi kwami, ngibeke ukulunga koMenzi wami.


Wema, kepha angikwazanga ukuhlukanisa isimo sawo; isithombe sasiphambi kwamehlo ami, kwathula, ngezwa izwi lithi:


Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge?


UNkulunkulu uphendukezela ukwahlulela na? uSomandla uyawuphendukezela yini umthetho na?


Ngiyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso; kodwa umuntu angalunga kanjani phambi kukaNkulunkulu na?


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


Ngoba kakho umuntu olungileyo emhlabeni owenza okuhle njalo angoni.


Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


Yeka ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe, nezindlela zakhe aziphenyeki!


Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;


Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha nxazonke; zazigcwele amehlo ngaphakathi, futhi aziphumuli imini nobusuku, zithi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka