Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 36:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uma belalela futhi bemkhonza, bayochitha izinsuku zabo ebuhleni neminyaka yabo ebumnandini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 36:11
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuleka kuye, wamncenga, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. UManase wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu.


Zikhipha amazinyane azo njengomhlambi, nabantwana bazo bayasina.


Bachitha izinsuku zabo engcebweni, behlela endaweni yabafileyo ngokuphazima kweso.


Jayelana naye manje, ube nokuthula; ngalokho okuhle kuyakwehlela phezu kwakho.


Uma ubuyela kuSomandla, uyokwakhiwa, ususe ububi bude namatende akho.


Ngakho uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe, ngoba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkomo, nezimbongolo eziyinkulungwane.


Futhi abenzi ububi; bahamba ezindleleni zakhe.


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; Uyohlobisa abathobekileyo ngensindiso.


Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.


Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, athule ekwesabeni okubi.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Ngakho-ke lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu; uJehova uzozisola ngobubi akukhulume ngani.


Kodwa ngabayala le nto ngathi: Lalelani izwi lami, futhi ngizoba nguNkulunkulu wenu, futhi niyoba ngabantu bami; nihambe ngezindlela zonke enginiyale ngazo, ukuze kube kuhle kini.


Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo.


Lapho usekuhluphekeni, zonke lezi zinto zikwehlela, ekupheleni kwezinsuku, uma uphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe;


Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


Niphile ubumnandi emhlabeni, nizitika; nondlile izinhliziyo zenu njengasosukwini lokuhlaba.


Ngalokho elizikhazimulise ngakhona, lazithokozisa, mnikeni ukuhlushwa nokudabuka okungaka, ngokuba lithi enhliziyweni yalo: ‘Ngihlezi ngiyindlovukazi, angisuye umfelokazi, futhi angiyikubona ukudabuka.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka